Kuxwayiswa ngesimo sezulu esingesihle eW Cape

2018-04-25 16:00

UMkhandlu waseKapa ume ngomumo njengoba ulungiselela isimo sezulu esingesihle sokuduma kwezulu okuhambisana nesiphepho ngoLwesithathu ebusuku nangoLwesine ekuseni.

Lokhu kungemuva kokuthi iSA Weather Service ixwayise ngokuthi kunesimo sezulu esingesihle esilindelekile, kusho lowo okhulumela ithimba elibhekelele izinhlekelele uCharlotte Powell.

Kulindeleke umoya onamandla ozogudla ogwini phakathi kweTable Bay neCape Agulhas kusukela ngoLwesithathu ebusuku. Kulindeleke ukuba lezi zivunguvungu zehle ngoLwesine ekuseni.

Ukuduma kwezulu okunamandla kulindeleke kuMkhandlu waseKapa, kanye nasezingxenyeni eziseningizimu-mpumalanga neCape Winelands kanye nasenyakatho ye-Overberg District ebusuku namhlanje nasekuseni ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa izakhamuzi zase-KZN ngesimo sezulu esingesihle

"Kunezinkomba eziqinile zokuduma kwezulu ekuseni kusasa, kanti kwezinye izingxenye ukuduma kuzoba namandla kakhulu," kusho uPowell.

"Lokhu kuduma kuzohambisana nezimvula ezinkulu ezingase ziholele ekutheni kube nezikhukhula, nomoya onamandla ongase uhambisane nesichotho."

Okwamanje akulindelekanga ukuthi lesi simo sezulu singadala umonakalo omkhulu.

Nokho kuxwayiswe labo abahlala emijondolo eseCape Flats naseningizimu yePeninsula, ngezikhukhula ezingase zidale umonakalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.