Kuxwayiswa ngesimo sezulu esingesihle namuhla ntambama e-KZN

2018-03-08 16:00

Ladysmith - Kulindeleke ukuduma kwezulu nemvula enamandla namuhla ntambama esifundazweni iKwaZulu-Natal.

Lesi sexwayiso sikhishwe ngabakwa-South African Weather Services besikhiphela isifundazwe sonke.

OLUNYE UDABA:Isimo sezulu esishubisa umnkantsha kuleli sonto

Abashayeli baxwayiswa ngokuba baqaphele emgwaqeni uma beshayela kulesi simo sezulu esingesihle.

Ngokombiko weThe Mercury, isangoma sezulu u-Ayanda Ntsele uthe basiqaphile isiphepho esiqhamuka ngaseningizimu.

"Njengamanje liyakhemezela ezingxenyeni eziseningizimu nesifundazwe kodwa kulindeleke ukuba liyidlive ntambama," esho.

Uthe kulindeleke ukuba lidume, libanike libe nomoya omkhulu nemvula enamandla esifundazweni.

Amathuba ezimvula alindelekile esifundazweni angu-80% kodwa amazinga okushisa azohlala engaphezu kuka-25 degrees.

Izulu kulindeleke ukuba liphenye ngoLwesihlanu ekuseni.


 - ladysmithgazette

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.