Kuxwayiswa ngobungozi beziboshwa ezeqe ejele eMpangeni

2017-09-26 19:30

Pietermaritzburg - Kuqinisekiswe ukweqa kweziboshwa ezingu-5 ejele laseMpangeni izolo ekuseni ngovivi.

AboMnyango wezamaJele bakhiphe isitatimende beqinisekisa isigameko babe sebecela usizo lokufuniswa lezi ziboshwa kumalungu omphakathi.

Amagama eziboshwa ezeqile ngoMukelani Skheleqe, uSifisokuhle Mfeka, uSiyabonga Khumalo, uDumisani Ncamphalala, uThemba Dlodlo, kanye noBonginkosi Nxumalo. Lezi ziboshwa zibhekene namacala okubalwa kuwo elokubulala, ukuzama ukubulala, ukubamba inkunzi nelokugqekeza.

OLUNYE UDABA:Kweqe iziboshwa ezingu-20 ebeziphuma enkantolo

UThulani Mdluli okunguye okhulumela uMnyango ukhiphe isitatimende wathi lezi ziboshwa zeqe ejele ngokuthiziphume ngewindi egumbini ebezigqunywe kulo zase zeqa uthango olungamamitha angu-6 ubude, zabe seziphumela emgwaqeni.

Ngokuthola kwe-KZN EYETHU kucelwa amalungu omphakathi ukuba abikele amaphoyisa ngokushesha uma lezi zibsohwa zibonakala emphakathini ngoba ziyingozi.

Isiboshwa sesithupha siboshiwe kulandela ukubhajwa ocingweni, sase sibuyiselwa ngaphakathi.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngenyanga eyedlule kweqe iziboshwa ezingu-20 ezazisalinde ukuqulwa kwamacala azo ngemuva kokuba abesilisa ebebehlomile bahlasela imoto eyayithwele iziboshwa.

ULieutenant-Colonel Lungelo Dlamini ngaleso sikhathi wathi iziboshwa zazibuyiselwa ejele elidume ngokuthi yiSun City, eningizimu yeGoli, ngemuva kokuvela enkantolo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.