Kuya kuba kubi kakhulu ebholeni lakuleli - Ertugral

2018-01-11 14:00

Cape Town - Umqeqeshi we-Ajax Cape Town uMuhsin Ertugral ukholelwa ekutheni isimo sebhola laseNingizimu Afrika siya ngokuya siba sibi kakhulu.

Lo mqeqeshi odabuka eTurkey wafika kuleli ngo-1999 ezoqeqesha izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs.

U-Ertugral useqeqeshe amakilabhu amaningi kuleli kwi-PSL, okubalwa iSantos, iGolden Arrows ne-Orlando Pirates.

Ngesikhathi ekhuluma ngemuva komdlalo lapho ezakhe ziguqiswe khona ngo-2-1 yiMamelodi Sundowns ngasekuqaleni kwaleli sonto, u-Ertugral uthe ukholelwa ekutheni izinga lebhola elidlalwa ku-Absa Premiership liyehla kunokuthi lenyuke.

OLUNYE UDABA: Udinwe uyaveva uMushin Ertugral

"Ngesikhathi ngifika okokuqala kuleli ngo-1999 lalihluke kakhulu ibhola elalidlalwa. Kepha manje, kunzima nje impela," esho.

"Indaba yebhola lakuleli iyadida kakhulu. Abadlali baholelwa imali eningi abangazi ukuthi bayenzeni. Bafuna ukuyodlala e-Europe, kepha ubani ozobayisa lapho?"

U-Ertugral ube eseyachaza ukuthi wamsiza kanjani lowo owayengukaputeni weCape Town City uLebogang Manyama ukuba asayine neqembu laseTurkey, iKonyaspor, wachaza nangokuthi lo mdlali ukuthola kunzima ukuthola ijezi.

Uphethe ngokuthi kumele sizibuze ukuthi kungani kungekho ngisho umdlali oyedwa wakuleli odlala kwiPremier League, iLa Liga, e-Italy noma kwiBundesliga.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.