Kuyalelwe iziteshi ezintathu zikamabonakude ukuthi ziyeke ukusakaza ucansi

2017-06-27 09:32

Cape Town – Inhlangano elawula ezokusakaza eGhana, iNational Media Commission (NMC), isiyalelwe iziteshi ezintathu zakuleliya lizwe ukuthi ziyeke ngokushesha ukusakaza ucansi, yathi “ucansi lwangempela phakathi kwabantu akufanele noma yinini kudluliswe” ngale kwemibandela.

Lezi ziteshi zontathu, i-XYZ TV, iThunder TV kanye ne-Ice TV zatshela le nhlangano elawula ezokusakaza ukuthi zisakaza ucansi ngoba nezinye zeziteshi zikamabonakude ezibangisana nazo ziyalusakaza.

Yize noma iNMC ingeke ikwazi ukuhlawulisa lezi ziteshi ngokukhombisa ucansi njengoba imithetho yaseGhana njengamanje ingakuvumeli lokhu, kodwa iNMC ithi ingakwazi ukuyalela lezi ziteshi ukuthi ziyeke ukusakaza ucansi.

OLUNYE UDABA: Isiteshi se-TV sinqaba ukudlala isikhangiso sikaMengameli

Ngemuva kokukhononda, iNMC ithe ukusakaza kwalezi ziteshi akuhlangabezani nezinga leNMC lokusakaza.

“Iziteshi zixolisile zabe sezizibophezela ukuqinisekisa ukuthi angeke kusaba khona ucansi eziteshini zazo,” kusho uSihlalo weNMC, uNana Kwasi Gyan-Apenteng, esitatimendeni.

Uqhube wathi lezi ziteshi zibe sezidalulela iKhomishana ezinye iziteshi zemisakazo kanye nezikamabonakude ezithi nazo zisakaza izinto ezifanayo.

Kodwa-ke esinye seziteshi, i-Ice TV, nesithe sizoyilandela imiyalelo, kubikwa ukuthi sesisabise iNMC ngokuyithathela izinyathelo zomthetho ngalesi sinqumo, sathi sifuna inkantolo yaseGhana icacise mayelana nokuthi le nhlangano elawula ezokusakaza inalo yini ilungelo lokusivimba ekusakazeni ucansi esiteshini saseGhana esingakhokhelwa (free-to-air).

IGeneral Manager ye-Ice TV, uSamuel Owusu Asare, utshele umsakazo waseGhana, iCiti 97.3 fm ukuthi bazonikela enkantolo ukuze icacise ngoba uthi ukukwazi ukuthi bangatshelwa ukuthi abayeke ukusakaza ucansi kodwa ekuhambeni kwesikhathi babone ezinye iziteshi sezisakaza lona ucansi. Uthi lokhu angeke baze bakwamukele neze. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.