Kuyaphenywa ngetekisi elishayise obeyingxenye yababhikishi

2018-05-03 09:29

Cape Town - Owesilisa ugitshelwe yitekisi washona ngesikhathi kubhikishwa ngoLwesithathu ebusuku ekhoneni likaJakes Gerwel Drive no-R300 ngaseMitchells Plain, kusho iziphathimandla zedolobha laseKapa.

Babili abantu abalimele kulesi sigameko.

Kuthiwa amaphoyisa asebenzise izinhlamvu zenjoloba ukuzama ukuhlakaza amalungu omphakathi abebhikisha.

NgoLwesithathu ekuseni uWayne Dyason okukhulumela abezomthethu eKapa uthe kuvalwe nemigwaqo uWeltevreden, uMorgenster, uVarkensvlei kanye noFulan.

OLUNYE UDABA:Lihlaselwe ngamatshe ibhasi ebelithwele izivakashi eKapa

Ngokusho kukaDyason, kulinyazwe i-ATM esegalaji laseCaltex kwaphangwa nasesitolo sezithelo nemifino.

Uthi ababhikishi abalinganiselwa ku-500 basemijondolo yaseSiqalo ngaseJakes Gerwel Drive eMitchells Plain bavale imigwaqo ngokushisa amathayi kanye nangamakhonyetina.

Laba babhikishi bakhala ngokungalethelwa izidingo-ngqangi kusukela kuhulumeni futhi abakutholayo kakufani nalokhu okutholwa ngomacaphuna-kusale.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.