Kuyaphenywa ngokutholakala kowesilisa edindilizile emotweni yakhe

2017-10-24 07:01

eThekwini - Kutholakale owesilisa edindilizile emotweni yakhe enamanxeba okudutshulwa emgwaqeni uPine eRandburg.

Okhulumela inkampani yabezimo eziphuthumayo i-ER24 uRussel Meiring uthe abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo ngemuva kokubizwa yinkampani yonogada esebenzela kule ndawo.

Ngesikhathi befika bathole owesilisa elele edindilizile esihlalweni somshayeli.

“Lo mlisa utholakale enamanxeba ambalwa okudutshulwa futhi bekubonakala ukuthi umphefumulo usuhlukene nenyama. Sihloliwe isimo sakhe kwatholakala ukuthi akukho okungenziwa ukumsindisa,” kusho yena.

Amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko ngoba bekungacacile ukuthi uhlaselwe wubani futhi kubangwa ini.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe isekela likathishanhloko emagcekeni esikole

Kwesinye isigameko esenzeke ku-N4, kudutshulwe owesilisa efelwe yimoto ngaseRosslyn ngempelasonto ebusuku.

Abe-Netcare 911 baphuthume kule ndawo bathola ukuthi lo mlisa oneminyaka engu-45 ubudala ubesendleleni eya ekhaya ngesikhathi efelwa yimoto kuthelawayeka.

“Upake eceleni komgwaqo ngesikhathi imoto ibika inkinga. Ngemuva kwemizuzu embalwa kuqhamuke abahlaseli bezenza abantu abafuna ukumsiza. Laba basolwa baqale bamugebenga ngaphambi kokumdubula,” kusho uNick Dollman, okhulumela abosizo lokuqala.

Ngenhlanhla lo wesilisa usindile wabe esephuthunyiswa esibhedlela esesimweni esibucayi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.