Kuyaqala ukugwetshwa kowesifazane owabulala abazali

2017-08-15 12:33

Johannesburg – Owesifazane oneminyaka engu-20 ubudala, owalahlwa yicala lokubulala abazali bakhe, kulindeleke abuyele eNkantolo eNkulu ePitoli ukuzogwetshwa.

UBonolo Lekalakala walivuma icala lokubulala unina u-Evah Beetge noyise ongamzali uPiet ngoDisemba 2015.

Waphinde wavuma ukuthi wababamba inkunzi, wabaphuca izimpahla ezithile okubalwa nemoto.

ULekalakala wabulala abazali bakhe emzini wabo oseCapital Park, enyakatho yePitoli, ngemuva kosuku lwangoKhisimusi eminyakeni emibili eyedlule.

OLUNYE UDABA: Basinde abasinde kuqothwa umndeni

Esitatimendeni esifungelwe, uLakalakala wathi yena kanye nesoka lakhe uThapelo Molokomme nomngani walo uKgaugelo Rapelogo bakuhlela izinsuku ukubulala ngaphambi kokuba bakwenze, kubika iEyewitness News.

Umama oneminyaka engu-20 ubudala uthi baqale bazama ukubafakela ushevu uPiet no-Evah Beetge eziphuzweni zabo kodwa lokho kwangasebenza.

Izithandani zaklinywa ngentambo ye-laptop nangeye-USB ngesikhathi zibulawa.

Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa, wabikela amaphoyisa ngokunyamala kwabazali bakhe. Amaphoyisa ambopha ngoJanuwari ngonyaka odlule. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.