Kuyaqhubeka ukugwetshwa komfundisi we-Doom

2018-02-27 14:00

Johannesburg - Kuzoqhubeka namhlanje eNkantolo kaMantshi eMookgophong eLimpopo ukugwetshwa kwalowo owayezibiza ngoMphrofethi nowalahlwa yicala ngokufutha abazalwane nge-Doom.

Ngesonto eledlule abameli baLethebo Rabalago babiza ofakazi abathathu enkantolo ukuzobeka izizathu zokuthi kungani kumele ashaywe ngoswazi oluncane.

Kanjalo noMbuso wabiza ofakazi ukusho ukuthi kungani kumele ajeziswe kakhulu.

OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe elabasolwa ngokubulala amaphoyisa

IMantshi uFrans Mahodi phambilini yakubeka kwacaca ukuthi ifuna lolu daba luphothulwe ngokushesha.

URabalago wethule ubufakazi bakhe okokuqala ngeledlule, wacela ukushaywa ngoswazi oluncane, washo nokuthi angakwazi ukukhokha inhlawulo ka-R5 000.

Waphinde wacela ukuxolelwa yizisulu, washo nokuthi akaphindange wafutha muntu ngesibulali zinambuzane selokhu inkantolo enkulu yakhipha umyalelo ngoMeyi 2017.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.