Kuyaqhubeka ukuqulwa kwelabasolwa ngolwaseMarikana

2018-02-12 11:00

Johannesburg - Ukuqulwa kwecala labasolwa abangu-18 ababangakanyeka ezigamekweni ezenzeka eMarikana ngo-2012 kulindeleke ukuba kuqhubeke eNkantolo eNkulu yaseMahikeng ehlezi eMogwase ngaphandle kwaseRustenburg namuhla(ngoMsombuluko) ekuseni.

La madoda abhekene namacala okubulala, ukuphanga, ukucekelwa phansi kwempahla nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni kulandela isiteleka esinodlame esenzeka eMarikana, eNorth West, ngo-2012.

OLUNYE UDABA:Marikana: Kufakaze iphoyisa eladubula

La macala ahlobene nezigameko ezenzeka ezinsukwini ezandulela izidubedube zangomhlaka-16 Agasti 2012, lapho okwabulawa khona abavukuzi abangu-34 bebulawa ngamaphoyisa kuqhubeka isiteleka saseLonmin Platinum Mine, eMarikana.

Abasebenzi babefuna abaqashi babakhuphulele amaholo.

Kusolakala ukuthi abasolwa babulala amaphoyisa amabili, onogada baseLonmin ababili nenqwaba yabasebenzi ababetelekile.

Yize kunjalo, kwaboshwa abavukuzi abangu-19 kulandela isehlakalo.

Kwashona abasolwa ababili, kanti uyedwa kuphela umsolwa kwabangu-19 owadedelwa ngebheyili.

 - SABC

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.