Kuyasigulisa ukungazi ukuthi kwenzakalani - Umndeni wothunjiwe

2017-01-18 13:01

Johannesburg – Umndeni wentatheli yaseNingizimu Afrika, uShiraaz Mohamed, ethunjwe ezweni iSyria, uthi kuyawukhubaza ukungazi ukuthi kwenzakalani.

"Siphendula sithini nje uma sibuzwa ukuthi sinjani? Siphazamisekile ngenxa yokukhathazeka esinakho ngoShiraaz,” kusho lowo owayengumkakhe, uShirley Brijlal, ngoLwesithathu esitatimendeni.

“Esingakwenza nje ukubambelela kuMdali wethu, sazi ukuthi intando yakhe iyenzeka kumanje ukuze kubuye uShiraaz ephephile."

UBrijlal uthe ukulinda ukuthola imininingwane ngokwenzakalayo ngoMohamed kubenza bahlale bethukile.

OLUNYE UDABA: I-ANC igxeka uMadonsela ngombiko othinta i-Absa

NgoMgqibelo, iGift of the Givers yathi intatheli yakuleli esebenzela eGoli ithunjwe ngesonto eledlule eSyria.

Umsunguli wale nhlangano, u-Imtiaz Sooliman, wathi oshayasibhamu bathatha uMohamed baya naye endaweni engaziwa ngemuva kokumisa izimoto ababehamba ngazo ku-Aljamiliye Road, ngase-Al Hilal hospital, ngoLwesibili ntambama.

UMohamed kanye namalungu ale nhlangano ayesendleleni elibhekise emngceleni waseTurkey bephuma eSyria.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.