'Kuyidokwe kona kodwa aligayelwe wena, hlaba udlule njengenaliti'

2017-07-28 16:01

Durban - U-Ayanda Msweli udume ngolimi olunothile uma ebika ngesimo semigwaqo emsakazweni uKhozi FM.

UMsweli usesebenze nalo msakazo iminyaka engaphezu kweyishumi, kodwa indlela abantu abathakaselela ngayo ukumuzwa, kuba sengathi uyaqala ngqa njalo uma ezwakala emoyeni.

Ungubani u-Ayanda Msweli?

Yize engathandi ukukhuluma nabezindaba ngempilo yakhe yangasese ngoba ethi akubalulekile ukuthi abantu bazi ukuthi uthandana nobani kanjani, kodwa okubalulekile wukuthi yini ayenzayo ukuguqula impilo yabantu.

Lokhu kuyiqiniso impela futhi kubonakala nangendlela awenza ngawo umsebenzi wakhe njalo uma ethula isimo semigwaqo emsakazweni.

U-Ayanda Madoda Msweli, odabuka eMtubatuba, waqala ukusebenza njengesosha ngeminyaka yama-90s ngaphambi kokujoyina uMasipala weTheku njengephoyisa lomgwaqo.

Ngokusho kwakhe, uMsweli uthi wayefisa ukusakaza ezemidlalo, ngoba yiyona nto akhule eyithanda.

"Ngisakhula, emakhaya ngangaziwa njengomsakazi wezemidlalo, yonke imidlalo yebhola yayisakazwa yimina kusukela ngisemncane ngaze ngayoqeda isikole samabanga aphakeme. Ngangilokhu nginalo ithemba lokuthi ngizoke ngesebenze emsakazweni ngelinye ilanga," kusho yena

UMsweli uthi wazama izikhathi eziningi ukujoyina umsakazo akuwo njengamanje kodwa kungalungi.

Wayengawuholeli umsebenzi wakhe oKhozini

Le "ngwenya" yasebenza iminyaka ecishe ibe yishumi yethula ezemigwaqo oKhozini ngaphandle kweholo.

Eqhuba uthi wajoyina lo msakazo eseyiphoyisa likamasipala ngo-2004 futhi konke ayekwenza wayekwenza ngamandla akhe.

"Ngangijabulela ukwenza into engiyithandayo, yingakho ngangingenankinga ngokusebenzisa amandla ami (airtime) ukwenza lo msebenzi ngoba ngangiqashwe ngokuphelele kamasipala."

UMsweli ungumuntu othanda amancoko kanti lokhu yikona okwenza izinkulungwane zabantu bakuleli bamthande.

Ngokusho kwakhe, wabona kubalulekile ukuthi angagcini kuphela ngokubika ngezingozi, isiminyaminya nokuphazamiseka kokuhamba emgwaqeni, kodwa futhi afundise abantu ngokubalulela kokugwema izingozi emgwaqeni.

"Sincane isikhathi sokubika ngokwenzeka emgwaqeni, kodwa ngabona ukuthi uma ngisebenzisa ulimi olunothile abantu bazongilalela futhi bazofuna ukwazi ukuthi yini le engikhuluma ngayo.

"Ngisebenzisa ulimi lwasemakhaya, abantu abahlala emadolobheni abangasazi isintu bathola ithuba elihle lokufunda amatemu amasha futhi lokhu kubenza baqaphele uma besemgwaqeni.

"Uma ngithi Hlokoloza kwey'phambili ezisemuva zisodakeni, lokhu ngikususela uma izinkomo ziya ediphini, uyazi ukuthi uma le ephambili ingafuni ukungena ivele iphenduke ibheke emuva, lezi ezisemuva yizona ezilimala kakhulu ngoba akufanele ukuthi izinkomo zihlale kakhulu odakeni. Kanjalo nasezimotweni, uma kunesixakaxaka phambili kushayeka kakhulu lezi ezisemuva ngoba uthola ukuthi ezinye ziyabila, ezinye zigcina ziba nezinkinga," esho.

UMsweli uthi usebenzisana kakhulu nabashayeli bamatekisi kanye nabamaloli okuyibona abavame ukumbikela ngezinto ezenzeka emgwaqeni.

"Sibambisene kamnandi nezingwenya zasematekisini futhi kumnandi nokuzwa abantu bethi 'hhayi ngwenya ithayi libhaze umentshisi lapha ku-N2'. Lokhu kuyangijabulisa ngoba bayawuqondisisa umyalezo futhi ngaphezu kwalokho bayazazi izinto okumele baziqaphele emgwaqeni," kuqhubeka yena.

Izinhlelo zokusabalalisa umsebenzi wakhe

UMsweli usesungule inkampani yakhe, Kuyahambeka Projects, lapho eqhamuka nezinhlelo ezahlukahlukene zokufundisa abantu ngokubaluleka kokuhloniphana emgwaqeni kanye nokuhambela izikole ezahlukahlukene eshumayela ivangeli lezekophepha ikakhulukazi ngezikhathi zamaholide.

Uthi kuningi afisa ukukwenza ukubuyisela emphakathini, uhlelo aphezu kwalo njengamanje kanti futhi lusondele kakhulu nenhliziyo yakhe - wukubambisana noMnyango wezokuThutha njengomxhumanisi nemiphakathi.

"Kubuhlungu ukubona abantu uma beteleka noma bebhikisha bevala imigwaqo bashise amathayi kodwa batelekela izikole, imitholampilo noma amanzi. Okwamanje ngimatasa nohlelo lokusebenza njengomxhumanisi ozokwazi ukuhlanganisa imiphakathi, amakhansela, nezikhulu zikahulumeni ukuqinisekisa ukuthi izidingo zabantu ziyafezeka ngaphandle kungaze kumosheke izinto eziningi.

Uthi kuningi azokwenza okuphathelene nokufundisa abantu ngezinto ezingaba wusizo kubona uma belinyalelwa yizimoto emgwaqeni.

"Abantu abaningi abazi ukuthi uma belinyalelwa amasondo ngenxa yemigodi emgwaqeni bangakwazi ukuhlawulisa uhulumeni. Lokhu kungenye yezinto engizobe ngiqwashisa abantu ngazo ngencwadi yami engimatasa ngayo."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.