'Kuyihlazo ukuthi i-FBI yenza uphenyo nge-State Capture thina singakaluqali'

2017-10-23 14:00

Johannesburg – IPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa lithi kuyihlazo elikhulu ukuthi izinhlaka zangaphandle ezifana neFederal Bureau of Investigation (FBI) sezenza uphenyo ngezinsolo ze-state capture okusolwa ngazo umndeni wakwaGupta ekubeni iNingizimu Afrika ingakaluqali uphenyo lwayo.

URamaphosa usho kanje ekhuluma namalungu e-African National Congress (ANC) eMafikeng, eNorth West, ngempelasonto.

Uthe siyanda isibalo sabantu abacabanga ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe lenkohlakalo.

URamaphosa unxuse abezomthetho ukuba benze uphenyo ngokushesha mayelana nalolu daba.

OLUNYE UDABA: Bathi bazimisele ngokulwela uRamaphosa uma exoshwa

“Sicela oKlebe, i-NPA nezinye izinhlaka ezenza uphenyo ukuba baqalise uphenyo ngokushesha.”

Uthi ama-email aputshuka athinta umndeni wakwaGupta aveza ngokusobala ukuthi kukhona abalawula izwe ngaphandle kukahulumeni, ngakho kumele babhekane nengalo yomthetho.

“Labo okutholakala ukuthi benza okuphambene nomthetho kumele kubhekanwe nabo ngokushesha, ngaphandle kokubambezeleka.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.