Kuza ezinye izinguquko ku-SABC 3

2017-03-23 12:31

Cape Town – Isiteshi sikamabonakude uSABC 3, kulindeleke ukuthi simemezele izinguquko ezintsha ezizoqala ukusebenza kusukela ngomhlaka-1 ku-Ephreli.

Ngokwemithombo engaphakathi, uSABC 3 uzomemezela ukuthi uzoshintsha isikhathi okudlala ngaso inqwaba yezinhlelo zawo.

Kulindeleke nokuthi lesi siteshi sethule inqwaba yezinhlelo ezintsha ezididiyelwe kuleli – njengoba sihlela nokuthi siqede ukuphindaphindwa kwezinhlelo ezindala ngezikhathi zasebusuku ukuze kunciphe nezindleko zokusakaza izinhlelo eziphindwayo.

Nazi ezinye zezinguquko ezizokwenzeka kusuka ngo-Ephreli kuSABC 3:

- Kusukela ngomhlaka-17 ku-Ephreli i-Expresso kulindeleke ukuba ingabe isaqala ngo-6:00, kodwa iqale ngo-6:30 njengoba sekuzoba nohlelo lwezingane kusukela ngo-6:00.

- Kusukela ngomhlaka-3 ku-Ephreli angeke zisaphindwa izinhlelo ebeziphindwa kusukela ngo-09:00 njengoba sekuzophindwa uhlelo lwezingxoxo, iReal Talk with Anele.

- Umdlalo owuchungechunge, iMuvhango, usuzobuye uphindwe kuSABC 3 ngo-11:30 phakathi nezinsuku ngemuva kokuthi wakhishwa ngoJulayi kunyaka ka-2016.

OLUNYE UDABA: Umakadebona womsakazi ulaxaze iMetro FM wajoyina isiteshi esisha

- Uhlelo lwezingxoxo i-Afternoon Express seluzoqala ngesikhathi olwaluvele luqala ngaso ngaphambilini u-16:00 kusukela ngomhlaka-3 ku-Ephreli.

- I-Real Talk with Anele yona isizoqala ngo-17:00 njengoba lesi siteshi sikholwa ukuthi izokwazi ukuthi ihehe abanye ababukeli abaningi.

- Izindaba eziqala ngo-18:30 manje sezizoqala ngo-18:00 kusukela ngo-Ephreli.

- Lokhu kusho ukuthi umdlalo owuchungechunge waseMelika, iThe Bold and the Beautiful usuzoqala ngo-18:30 phakathi nezinsuku kusukela ngomhlaka-3 ku-Ephreli.

- I-Trending SA isizoqala ngo-21:30 esikhundleni sika-22:00. Ngaphezu kwalokho lolu hlelo angeke lusaphinda ngo-12:00 emini njengoba bekujwayelekile.

- Kusukela ngomhlaka-6 ku-Ephreli, iTop Billing isizoqala ngo-20:30, hhayi ngo-20:00 njengoba bekujwayelekile.

- ISpecial Assignment angeke isadlala ngo-12:30 ngoLwesithathu, kodwa isizodlala ngoMsombuluko ngo-21:00.

- Ngaphezu kwalokho kuphinde kube nezindaba ezimbi kubalandeli bohlelo lwezingxoxo ngezindaba ezisematheni, i-Interface olungena ngeSonto, ngo-21:30 njengoba kuzobe sekungolokogcina ngci ngomhlaka-2 ku-Ephreli. Endaweni yayo kuzoqala iCelebville ngeSonto ngomhlaka-8 ku-Ephreli.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.