Kuzoba kancane u-Oscar esidonse sonke isigwebo sakhe - Ummeli

2016-07-06 14:33

Cape Town – Uqweqwe lommeli woMbuso utshele iNews24 ukuthi mancane amathuba okuthi u-Oscar Pistorius asidonse sonke isigwebo sakhe seminyaka eyisithupha ejele.

Lokhu kulandela ukugwetshwa kwakhe eNkantolo eNkulu yasePitoli ngoLwesithathu.

Lo mmeli uthe konke lokhu kulele ekutheni uyayithobela yonke imibandela ehambisana noshwele.

UPistorius ugwetshwe iminyaka eyisithupha ngokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp, ayidubula ngo-2013 ethi ucabanga ukuthi ungenelwa umgqekezi.

OLUNYE UDABA: Akukho esingakwenza ngesigwebo esinikwe u-Oscar - Umndeni

Ummeli uWilliam Booth uthe: “Ngokubona kwami lesi sigwebo sincane kakhulu uma ubuka icala elenziwa. U-Oscar wadubula izikhawu ezine azi kahle ukuthi kunomuntu okhona egumbini lokugezela.

“Bengizitshela ukuthi uzothola isigwebo seminyaka engu-15 kuya phezulu – njengawo wonke umuntu olahlwa yicala lokubulala,” esho.

Uphethe ngokuthi lesi sigwebo sincane kakhulu.

Ngemuva kokugwetshwa kukaPistorius, kuqubuke imvunge ezinkundleni zokuxhumana abantu bekhala ngokuthi lo msubathi ushaywe ngoswazi oluncane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.