Kuzoba nezinguquko ezingu-6 ezinkulu kuWhatsApp

2017-02-07 16:16

Johannesburg – Inkundla yezokuxhumana eyintandokazi kuleli, uWhatsApp, ihlela ukuqalisa izinguquko ezintsha, uma sekusebenza uhlobo olusha lweWhatsApp, i-beta.

Le nkundla yezokuxhuma engaphansi kukaFacebook, isizokhumbuza labo abayisebenzisayo uma ngabe bengakaphumi ku-App yeWhatsApp.

Izophinde ikhombise ukuthi mingaki imiyalezo esingenile, ukuthumela indawo okuyona kubangani, ukuthumela izithombe ze-GIF, ukudlulisa izindaba njengaku-Instagram kanye neSnapchat, kanjalo nokukwazi ukucisha umbhalo ongawufuni noma owuthumelle ngephutha ngaphambi kokuba ufike kulowo omthumelelayo.

OLUNYE UDABA: Ishaye uvala intombi ithumela izithombe zenduku yesoka ku-WhatsApp

Ezinye zalezi zinguquko sezivele ziyatholakala ku-beta version.

Ngaphezu kwalokho, uWhatsApp wona angeke ukhombise kuphela umyalezo wokugcina womuntu oyedwa ogcine ukukuthumelela, kodwa kuzophinde kuvele nesibalo semiyalezo oyitholile evela kulowo muntu obunengxoxo naye.

AmaGraphics Interchange Format (GIF) kuzobe kuyizithombe ezizenza sa-video kodwa ezingenawo umsindo.

Kodwa-ke akukacaci ukuthi kuzoqala nini ukusebenza ubuchwepheshe bokucisha umbhalo obhaleke ngephutha. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.