Kuzobanjwa amamashi ngokuxoshwa koNgqongqoshe uZuma

2017-03-31 11:03

Cape Town – Umfelandawonye omusha wezinyunyana zabasebenzi oholwa nguZwelinzima Vavi, iSouth African Federation of Trade Unions (SAFTU), kanye nenhlangano yomphakathi, iSAVE SA, bahlele ukumashela eHhovisi lomgcinimafa kulandela isinqumo sikaMengameli Jacob Zuma sokuxosha abanye boNgqongqoshe. 

I-SAVE SA ichaze lesi sinqumo sikaMengameli Jacob Zuma njengokuhlwithwa kukahulumeni ngendluzula umndeni weziqumama ohlale usematheni kuleli, abakwaGupta. 

“Kumele sixoshe uZuma kanye nobhululu bakhe ngaphandle kwehhovisi. Kumele senze lokhu kube yisinyathelo sabo sokugcina. Asikwazi ukulinda esinye isikhathi.

OLUNYE UDABA: UVavi umema abantu ukuba 'bayovimbezela' uGigaba angangeni ehhovisi

"Kumele sithathe lokhu kuvikelwa kwentando yeningi emgwaqeni,” iSAVE SA ibeke kanjalo ngesikhathi imemezela le mashi ezoba sePitoli ngoLwesihlanu. 

UZuma umemezele ukuhlengahlengiswa kweKhabhinethi yakhe phakathi kwamabili ngoLwesihlanu, nalapho exoshe khona abanye boNgqongqoshe, waphinde waqoka amasekela ongqongqoshe amasha. 

I-SAVE SA ithi lesi sekuyisikhathi sokuthi kuliwe. 

“Ngaleyo ndlela kuwukuhlwithwa kukahulumeni abakwaGupta kanye nesiqiniseko sokugcina – kulabo abebesidinga – ukuthi uMengameli wethu, uhulumeni wethu kanye nezwe lethu sekulawulwa yizinhlangano ezisebenzela abantu bangaphandle ezihlose ukucekala phansi intando yeningi yethu, “ i-SAVE  SA isho kanjalo esitatimendeni. 

PhakathI kwabanye bongqonqoshe abadliwe yizembe kubalwa uNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, yiSekala lakhe, uMcebisi Jonas noNgqongqoshe wezokuVakasha, uDerek Hanekom.

Umfelandawonye omusha wezinyunyana zabasebenzi, i-SAFTU, uthi uthukuthele uyaveva ngesinqumo sikaZuma sokuxosha ongqongqoshe, kanti abe-SAVE SA bona bathi yisikhathi sokuthi kuliwe. 

TWITTER:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.