Kuzobe kubuswa kwaMinnie Dlamini

2017-06-18 13:06

Durban - Umndeni kaMinenhle "Minnie" Dlamini kubikwa ukuthi ulungiselela ukutheleka kwabasemzini okuthiwa bazoqedela ilobolo, bese bembesa abasekhweni kwaDlamini endaweni yabadla izambane likapondo eDurban North, eThekwini.

ILANGA LangeSonto lipotshozelwe wumthombo walo ukuthi lo mcimbi uzobe ungempelasonto yesibili kuNtulikazi (July) kuwo lo nyaka. Ngokusho kwalo mthombo lo mcimbi uzobe umkhulu impela, kubuswa, kukhonjwa ngophakathi.

Phambilini leli phephandaba like labika ngokulotsholwa kwale ntokazi enhle, ebalwa nabanye osaziwayo abahamba phambili eNingizimu Afrika.

Ngesonto eledlule iSunday World ibike ngamahlebezi okuthi uMinnie nesoka lakhe u-Quinton Jones, ongumthwebuli badayisele iMultichoice ngo-R6 million ilungelo lokusakaza umshado wabo okubikwa ukuthi uzoba ngoMandulo (September) nonyaka.

Uhlelo lomshado kuthiwa luqanjwe ngokuthi yiMinnie's Wedding Special luzodlala kwiDStv.

Imithombo ehlukene esondelene nomndeni kaMinnie ikuqinisekile kwiLANGA LangeSonto ukuthi nakanjani ngoNtulikazi umndeni wakwaJones uzobe ukwaMinnie.

Umthombo wokuqala okhulume naleli uthi udonswe ngendlebe ukuthi le ndaba ingaphumeli ngaphandle. Uthi kuthiwe akukho namunye ovumeleke ukuyikhuluma kubantu bangaphandle.

Umthombo wesibili okhuluma naleli phephandaba uthe: "Mina ngimenyiwe, ngiyaya kodwa akukho engizokukhuluma nawe. Engingakusho nje wukuthi umcimbi ukhona njengoba usho nje."

Omunye umthondo uthe: "Umcimbi ukhona futhi uzobe umkhulu. Njengengoba umcimbi wakhona ulandelana nempelasonto yeVodacom Durban July isiteshi sikamabonakude iMnet ngeke isabuyela eGoli, izozinza la ilinde umcimbi womembeso kaMinnie.

Intatheli yeLANGA LangeSonto ixhumane ishayele unina kaMinnie ucingo ngenhloso yokuqinisekisa lezi zindaba. Intatheli imbingelele yambiza ngomakaMinnie wavuma, yabe isizethula. Kuthe ngemuva kokuba izethulile, waphinde wayibuzisisa ukuthi ithe ingubani, yasho wabe eseyitshela ukuthi ishayele inombolo okungeyiyo, wavala ucingo.

Nakuba etshele intatheli ukuthi ishaye inombolo okungeyona kodwa isithombe esikwi-profile kaWhatsApp wakhe ubunesithombe sowesifazane ofana naye.

Okhulumela uMinnie uSarit Tomlinson uthe ngeke aphawule ngalezi zindaba. Wabuza intatheli ukuthi ikuthathaphi khona lokho.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.