Kuzobe kusindwe ngobethole koweDundee July

2016-07-15 20:31

Durban - Umcimbi iDundee July ubonakala uya ngokukhula njalo ngonyaka njengoba nakulo nyaka baningi ababhekise amabombo kwelabaQulusi.

Abahleli balo mcimbi babophele ngabaxhasi abaphambili kubalwa kubona uMnyango wezobuCiko, Amasiko, Ezemidlalo kanye nezokungcebeleka esifundwazweni sakwaZulu-Natal.

Lo mnyango uthi uyakujabulela ukudlondlobala kwalo mcimbi njengoba sibonakala sikhula isibalo sabantu abanesifso sokuba yingxenye yawo.

OLUNYE UDABA: Izinkumbi zabantu sezithelekile koweVDJ eGreyville

Lo mcimbi uvulwe nge-Carnival ngoLwesihlanu ekuseni lapho osaziwayo, amakhansela kanye nabanye abasakazi boKhozi FM bebehamba bezungeza idolobha lonke.

Kwabazonandisa ngale mpelasonto kulindwe abantu abafana noDJ Bongz, DJ Merlon, Imfez'emnyama, uMjikijelwa kanye nabanye, kubika iLANGA.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.