Kuzocaca namuhla ukuthi uzohlala iminyaka emingaki ejele oweKwaito

2017-10-17 09:27

Johannesburg – Isihlabani somculo wekwaito uSipho Charles Ndlovu, esidume ngelikaBrickz, kulindeleke sithole namhlanje ngoLwesibili ukuthi sizohlala iminyaka emingaki ejele.

UNdlovu uzogwetshwa eNkantolo kaMantshi eRoodepoort ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-16 ubudala emzini wakhe ngoNovemba 2013.

Walahlwa yicala lokudlwengula ngoJulayi. Ibheyili yakhe ka-R50 000 yahoxiswa ngemuva kokulahlwa yicala.

Phambilini, ngesikhathi kusaphikiswana ngesigwebo okumele asithole, ummeli wakhe uPiet du Plessis wabiza ufakazi wakhe, ongusonhlalakahle ejele, u-Annette Vergeer.

UVergeer wathi uNdlovu usebenzisa lonke ithuba alitholayo ejele ukuhlala enethemba futhi ebhala umculo.

Ngokusho komfowabo, uNdlovu uyena obesiza umndeni wakhe ngokwezimali.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Ubuhle nobukhazikhazi kugcagcelwa uSlikour 

UNdlovu ubehola u-R50 000 ngenyanga ngaphambi kokuba aboshwe.

Isisulu asikwazanga ukwethula ubufakazi enkantolo, kodwa sabhala incwadi eyafundwa ngumshushisi uPratisha Salie ethi; “Kungenzeka ukuba uya ejele, kodwa wangilimaza. Angikaze ngiyiphile impilo yokuba yintombi.”

Wathi uNdlovu wathatha injabulo yakhe, wamenza wangabe esamethemba, washo nokuthi wayemthatha njengo baba wakhe.

USalie watshela inkantolo ukuthi isisulu kusenzima ukuba sidlulise lento eyenzeka kusona.

UDu Plessis wathi ikhasimende lakhe liyaqala ukulahlwa yicala ngakho ucela linikezwe iminyaka engekho ngaphezu kweyishumi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.