Kuzocacisa inkantolo ngengane eyashaywa ngoba ihambe isikhathi eside ithunywe ilabishi

2017-10-30 19:31

Cape Town – Owesifazane waseNyanga, eKapa, angase abe ngumzali wokuqala ukubekwa icala ngaphansi komthetho omusha ovimbela ukushaywa kwezingane kuleli osanda kuphasiswa.

Lokhu kuza ngemuva kwezinsolo zokuthi lo mama washaya ingane yentombazane eneminyaka engu-12 ubudala ngemuva kokubuya sekudlule isikhathi eside ikade ithunyiwe.

Lo wesifazane, engeke lidalulwe igama lakhe ukuvikela umntwana, uvele eNkantolo yeMantshi yaseWynberg ngoLwesihlanu.

Kusolakala ukuthi washaya le ngane ngentambo kagesi nangephini ngemuva kokuthatha isikhathi eside ukubuya ikade ithunywe ukuba iyothenga iklabishi.

Lo wesifazane oneminyaka engu-47 ubudala waseBrown's Farm, okuyimijondolo okuhlala kuyo abantu abadla imbuya ngothi eKapa, le ngane imbiza ngomama kepha kusolakala ukuthi uyisihlobo sayo.

OLUNYE UDABA: Kulungile ukuqondisa ingane ngenduku - UPhapha

Le ngane isiyiswe endaweni ephephile njengoba kuqhubeka leli cala enkantolo, kutshelwe iMantshi uGoolam Bawa.

Kuthiwa ukushaywa kwale ngane kwavezwa nguthisha ngemuva kokuthi ingane ibhoboke kuyena ngalesi sigameko. Kusolakala ukuthi akukhona okokuqala le ngane ibhaxwa kanzima ngemuva kokona.

Lo wesifazane udedelwe ngesexwayiso, wayalelwa ukuba angaxhumani nofakazi kungenjalo ozoboshwa, kuqhuba umbiko.

“Uma uphambana nomyalelo engiwubekile ngiyophoqeleka ukuba ngikuvalele esitokisini," kusho uBawa.

Lo wesifazane kulindeleke ukuba avele enkantolo ngomhlaka-7 Disemba.

Emasontweni amabili edlule, iJaji Raylene Keightley wehlisa isinqumo esaqubula umsindo nenkulumompikiswano kuleli esithi kuyicala elibomvu manje ukushaywa kwezingane emakhaya.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.