Kuzofakwa amakhamera ehhostela elidume ngodlame

2016-12-11 18:01

eMlazi - UMasipala weTheku uzama ngakho konke okusemandleni ukuzama ukulawula isimo ehhostela laseGlebelands eMlazi.

Lo Masipala usugunyaze isabelo sezimali esingango-R3 million ukuze kufakwe amakhamera engeziwe kuleli hhostela, kubika iSOLEZWE.

Umbiko wesicelo somphakathi sokuba kufakwe amakhamera ubudingidwa emhlanganweni wokugcina wamakhansela ngoLwesihlanu lapho ofike waphasiswa khona.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa agasele emahhostela kungalindele muntu

Imali ephasisiwe izosetshenziselwa ukuba kufakwe amakhamera ngaphakathi ezindaweni ezihlala abantu, kanti lena ingxenye yesibili yemizamo yokuqinisa ezokuphepha.

Okhulumela uMkhandlu weTheku uTozi Mthethwa uthumele abezindaba isitatimende ethi njengamanje kufakwe amakhamera esemasangweni nangaphandleemabhilidini.

Lapha ungakwazi ukubanga umsindo ubonise ukuthi kukhona okonakele futhi angabuye asetshenziswe uma kunesidingo sokuthi kuxwayiswe abantu ngengozi.

"Abasebebza egumbini lezimo eziphuthumayo bangakwazi ukuxwayisa abahlala ehhostela uma kukhona okusolisayo ngokukhalisa umsindo othile,"kusho yena.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.