Kuzogwetshwa owayengumholi we-ANCYL ngokubulala intombi

2016-12-12 11:30

Johhanesburg – Kulindeleke ukuba agwetshwe lowo owayengumholi wophiko lwentsha lwe-ANC, uPatrick Wisani, ngecala lokushaya intombi yakhe ngemvubu yaze yafa.

Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMatshi yaseRandburg ngoMsombuluko, nokuyilapho iNkantolo eNkulu ehleli khona.

Ngenyanga eyedlule, uWisani watholakala enecala lokubulala owayeyisinqandamathe sakhe, uNosipho Mandeleleni.

OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe elowe-ANCYL osolwa ngokubulala intombi

Wanenebula ngemvubu lo wesifazane owayeneminyaka engu-24 ubudala waze washona ekhaya labo eliseYeoville, ngoSepthemba wonyaka odlule.

Kodwa-ke uWisani waphika walala ngomhlane ukuthi wabhaxabula intombi ngemvubu, wathi baba nokuphikisana nje.

Wabe eseboshwa ngokushona kwalo wesifazane wabuye wadedelwa ngebheyili ngesikhathi kusaqhubeka uphenyo.

Ngesikhathi esengaphandle kusolwa ukuthi wasabisa waphinde wahlukumeza ofakazi ababili, nokwaholela ekutheni kuhoxiswe ibheyili yakhe. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.