Kuzohlekwa waya-waya eThekwini ngempelasonto

2018-02-08 14:02

eThekwini - Umcimbi iKings & Queens of Comedy, ozobe useThekwini ngale mpelasonto kuzokuba ngomkhulukazi walolu hlobo kulo nyaka.

Lo mcimbi uzokuba ngoLwesihlanu mhlaka-9 Febhruwari eDurban ICC kanti uzobe ubophele osomahlaya abathandwa kakhulu kuleli, okubalwa kubo oCeleste Ntuli othathwa njengendlovukazi yamahlaya esiZulu, uSifiso Nene, uMarc Lottering kanye nabanye abazobe beshiyelana inkundla, kujatshuliswa abantu. 

Lo mcimbi uneminyaka eyisithupha wasungulwa kanti kusobala ukuthi ukhula minyaka yonke njengoba abathandi bamahlaya bafika ngobuningi babo njalo uma ufika kwelikabhanana.

OLUNYE UDABA:USkolopad uthi akanaso isikhathi so-Ben 10

Abahleli balo mcimbi bathi kulokhu benze isiqiniseko sokuthi bagcwalisa inkundla ngosomahlaya abangaconsi phansi.

“Kulo nyaka sithe akesishintshe ukwenza, sigcwalise inkundla ngazo zonke izinkakha ezinomlando omuhle kwezikaqedisizungu. Simeme bonke osomahlaya esaziyo ukuthi bayathandwa futhi bahlonishwa kakhulu kulo mkhakha wabo.

"Inhloso yethu wukujabulisa abantu, sibanike ithuba lokuphumuza umqondo bangcebeleke kahle,” kusho u-Osman Osman ongumphathi wenkampani iBlu Blood, okuyiyona ehlela lo mcimbi.

Lo mcimbi uqala ngo-20:00 ebusuku kanti amathikithi abiza u-R200 eComputicket.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day

With an abundance of activities to get involved in, why not lend a hand towards animals in need this Mandela day? Here are some ideas of how you can spend your 67 minutes...

 

Paws

Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Our top picks for doggo post of the week
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.