Kuzohlolwa indawo okwafakwa kuyona owesilisa ebhokisini lomngcwabo

2017-08-01 11:05

Delmas – IMantshi uJongilizwe Dumehleli ngoLwesibili izohambela iphinde ihlole indawo lapho abesilisa ababili baphoqa khona uVictor Mlotshwa ukuba angene ebhokisini lomngcwabo baphinde bamsabisa ngokumthela ngophethiloli.

UTheo Jackson noWillem Oosthuizen babhekene necala lokuthumba, ukushaya ngenhloso yokulimaza, ukuzama ukubulala kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Laba badedelwa ngebheyili ka-R1 000 umuntu emunye ngoJulayi 14 eNkantolo kaMantshi eMiddelburg, ngemuva kokufaka kabusha isicelo.

OLUNYE UDABA: Ngeke sixolise ngokuphawula kukaMalema ngamaNdiya - EFF

NgoMsombuluko, ummeli uWayne Gibbs, omele u-Oosthuizen, uthe isizathu sokuba u-Oosthuizen asebenzise ibhokisi lomngcwabo yingoba uDe Beer wamtshela ukuthi naye wake walisebenzisela ukwesabisa abantu abantshontsha umbila epulazini.

"Wayecabanga ukuthi iyona ndlela efanele yokwethusa uMlotshwa, ngaphandle kokumesabisa,” kusho uGibbs.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.