Kuzohlomula abashayeli ngomyalelo we-NPA wokusulwa kwamathikithi amadala

2017-09-09 09:17

eGoli - I-National Prosecuting Authority (NPA) isikhiphe umyalelo ezweni lonke wokuthi kusulwe wonke amathikithi omgwaqo, ngaphansi kombandela othile.

La kukhulunywa ngamathikithi akhishwa ngokuhambisana nomthetho we-Criminal Procedure kanti kuthiwa kumele asulwe ngemuva kwezinyanga ezingu-18 uma kungakaze kukhishwe amasamanisi.

I-Moneyweb ibika ukuthi lo myalelo ubhekiswe kuwo wonke umuntu kanye nalabo abamele izinkampani.

OLUNYE UDABA:Abayingeni eyokukhokhela amathikithi eKZN

Lo myalelo we-NPA awuwabali amathikithi akhishwe ngokomthetho we-Administrative Adjudication of Road Traffic Offences (Aarto), nokungumthetho osebenza komasipala baseTshwane naseGoli.

Uma kuke kwakhishwa amasamanisi futhi lowo muntu wahluleka ukuvela phambi kweMantshi, kwaze kwakhishwa incwadi egunyaza ukuba akaboshwe esikhathini esingangeminyaka emibili eyedlule futhi wangagwetshwe kuleso sikhathi, nalokho kumele kusulwe.

UCornelia van Niekerk, ongumphathi we-Fines4U, inkampani elawula izinkinga zamathikithi ezinkampani ezingu-500 kanye nabantu abangu-8 000, uthe lokhu kuhle kakhulu futhi kungumlando.

Uthe kuzokwethula umthwalo ebantwini abaningi ikakhulukazi labo abanezinkampani zezimoto.

U-Anton Burger, ongummeli utshele, abeMoneyweb ukuthi abe-NPA bakhipha lo myalelo ngomhlaka-17 Agasti 2017 futhi baqophe umlando kanti lokhu kuzolawula ukusebenza ezikhungweni ezisezweni lonke.

Uthi useke wabona kukhishwa amasamanisi ngamathikithi akhishwa eminyakeni emihlanu eyedlule, kodwa kwezinye izindawo seziqalile ukulandela umthetho we-NPA, kubika iDestiny Connect.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.