Kuzokhishwa izingoma ezintsha sha zikaLundi, engasekho

2017-03-15 12:29

Cape Town – Bazohleka bodwa abalandeli besihlabani somculo wowokholo esisanda kudlula emhlabeni, uLundi Tyamara, njengoba kuzokhishwa i-albhamu yalo mculi ebingalindelekile nesihloko sithi Legacy.

Le albhamu izobe ibophele izingoma ezingu-18, kanti kukhona kuzo nezingoma ezine ebezingakaze zizwakale ngaphambilini nezaqoshwa uLundi ngaphambi kokuba adlule emhlabeni ngasekuqaleni kwalo nyaka.

Ingoma yokuqala isihloko sithi Nomakwenzenkani, kanti uyishaye ngokuhlanganyela nomculi womculo wokholo, uFikile Mlomo. Le ngoma yaqoshwa ngo-Okthoba kunyaka ka-2016.

Omunye angathi uLundi ikhona into eyayisimtshela ukuthi sekuzomthatha ukufa njengoba le ngoma ikhuluma ngakho ukufa.

Kuyo ucula athi “noma ngabe yini eyenzeka empilweni yami uyohlale unami”.

Kuzokhumbuleka ukuthi uLundi washona ngokuzuma ngoJanuwari ngemuva koxineka isikhathi eside ephethwe yi-TB yesisu kanye nokugula okuphathelene nesibindi.

OLUNYE UDABA: Kugxekwe ukufakwa kwesithombe sikaLundi engaphilile ezinkundleni zokuxhumana

Kwenye ingoma entsha nesihloko sithi Uyithemba Lami, uLundi ucula ngokuhlanganyela nomngani wakhe omdala, uSipho Mbhele. Ngale kwalokho uLundi uphinde acule ngokuhlanganyela noThinah Zungu engomeni esihloko sithi Uphakeme, waphinde wasebenza noM Siya kwesihloko sithi Zonkizizwe.

Ezinye izingoma ezikule albhamu yilezo ezazishisa izikhotha kusukela ngonyaka ka-1998 okubalwa kuzo ezithi Mphefumlo Wam, Ongqongqozayo kanye nethi Mama. Ayisalanga-ke naleyo esanda kushisa izikhotha kamuva nje ethi Ithemba Lami Likuwe, nokuyingoma ayishaya ngokuhlanganyela neqembu lomculo iJaziel Brothers.

“Okubalulekile ukuthi izingoma ezine zokugcina ziwumsebenzi wokugcina ake wawenza emsebenzini wakhe wonke. Azikho ezinye izingoma ezintsha ozozizwa,”  kusho iMenenja kaLundi, u-Anele Hlazo, egcizelela ngokuthi akasoze aba khona umculi oshaya ngezwi elifana nelikaLundi.

Imali ezotholakala ngokudayisa le-albhamu izonikwa izingane ezimbili zikaLundi, uSibonelo, 18, uCandy, 11, kanye nomndeni wakhe.

Ingoma yokuqala ethi Nomakwenzenkani izoqala ukudlala emisakazweni kuleli sonto kanti izokhishwa ngokuphela kukaMashi. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.