'Kuzokwebiwa' izimoto kuvaleliswa isigebengu esibulawe ngamaphoyisa

2017-09-04 12:30

eMlazi - Kuxwayiswa abashayeli bezimoto eThekwini ukuba baqaphele ngoba izigebengu zithembisa ukweba inqwaba yezimoto kuleli sonto.

Lokhu kulandela ukubulalwa kukaSandile 'Chillies' Bhengu,37, obehlala eMlazi kwa-F, ushonele esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial ngemuvakokudutshulwa ngamaphoyisa ngoLwesithathu ebusuku esigcemeni sakwa-B kulo leli lokishi.

kokuphuthunyiswa ngabangani bakhe okuthiwa bamthathe ngenkani eqashwe ngamaphoyisa ngemuva kokudutshulwa.

UBhengu kuthiwa udutshulwa ngamaphoyisa nje ubengahlomile futhi ubesezinikele.

Omunye wabasondelene naye ocele ukuba igama lakhe ligodlwe utshele abeSolezwe ukuthi uBhengu ubanjwe ngamaphoyisa ezama ukukhipha i-tracker emotweni ebiyebiwe.

“Kunamajita amabili acele ukuthi awakhiphele i-tracker emotweni entshontshiwe. Kuqhamuke amaphoyisa uChillies esematasa, adubula ebhekise kuye. Kuthiwa bamdubule esephakamise izandla, ezinikela.

Ngemuva kokumdubula ahlale naye isikhathi eside esanyakaza elinde i-ambulensi. Kuze kwafika abangani bakhe bamthatha ngenkani ekakwe ngamaphoyisa, bamphuthumisa esibhedlela. Ufike washonela esibhedlela,” kusho umthombo.

OLUNYE UDABA:Kushone 10 wabantu kungqubuzana izimoto

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe sekunyuswe isibalo samaphoyisa asebenzela eMlazi ngemuva kokusabalala kwemiyalezo esabisa ngokusuka kothuthuva ezinkundleni zokuxhumana.

“NgoLwesithathu ngo 8:30 ebusuku amaphoyisa abona imoto iToyota Corolla esagolide ime eduze komgwaqo. Abone owesilisa ekhipha into kuyo le moto. Ame eduze kwemoto lapho ezithole esedutshulwa. Abe esedubula nawo ukuzivikela.

Imoto ibalekile yama ebangeni elingu-100 metres. Abasolwa ababili bakwazile ukubaleka, oyedwa ubedubulekile esiswini. Ngesikhathi amaphoyisa elinde i-ambulensi kuqhamuke iqulu labantu abalinganiselwa ku-150 bamthatha ngenkani bamphuthumisa esibhedlela ngemoto,” kusho uGwala.

Ohlelweni lukaDudu Khoza kuKhozi FM namuhla, okhulumela amaphoyisa uxwayise umphakathi waseMlazi ukuthi uhlalele kude nendawo lapho kuzobe kungcwatshwa khona uBhengu.

"Sizwile ukuthi kukhona abathi kuzobe kushaywa izidudla emngcwabeni, sinxusa umphakathi, ikakhulukazi izingane ukuba zingasondeli kule ndawo ngoba yibona abagcine bethola amachaphazela uma kusuka uthuthuva.

ngokuthi ungasondeli ezindaweni lapho kusuke kukhona khona izigebengu.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.