Kuzolalelwa isicelo sowalahlwa yicala lokucwasa ngokwebala

2018-04-04 09:30

Johannesburg - Isicelo sikaVicki Momberg sokuphikisa isinqumo senkantolo sizolalelwa eNkantolo kaMantshi eRandburg ngoLwesithathu.

UMomberg ugwetshwe yiMantshi uPravina Rugoonandan ngoLwesithathu olwedlule iminyaka emithathu ebhadla ejele, walengiselwa unyaka owodwa, ngesigameko sokucwasa ngokwebala esenzeka ngo-2016.

Walahlwa ngamacala amane okudicilela phansi isithunzi ngoNovemba 3 ngemuva ‘kokwethuka’ iphoyisa lomuntu omnyama elalimsiza kulandela ukwebelwa eNorthriding, eGoli.

OLUNYE UDABA: Lungeniswe esibhedlela usana olutholakale estamkokweni

UMomberg wezwakala ekhalaza ngohlobo lwabantu abamnyama eGoli kwi-video eyasabalala.

Waphinde wezwakala esebenzisa negama lekhafula izikhawu ezingu-48 kwi-video.

Ngeledlule, uRugoonandan wathi amagama kaMomberg anokucwasa ngokwebala ahlubula iphoyisa isiduma salo.

Wathi wonke umuntu unelungelo lesiduma futhi kumele sihlonishwe, sivikelwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.