Kuzonandisa noMaskandi emcimbini kaKhisimusi

2017-12-16 09:25

eThekwini - I-Mirror PR & Events izonyathela ngolunye unyawo emcimbini emibili kaKhisimusi, njengoba kuzobe kunandisa intandokazi kaMaskandi uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose e-Albert Falls.

Le nkampani edume ngokuhlela ama-Crown Gospel Music Awards, ihlanganise lo mcimbi obizwa nge-Christmas Family Braai Day engoyokuqala  kulo nyaka.

Kulindeleke ukuthi lomcimbu uhehe izinkulungwane zabantu abaqhamuka ezindaweni zahlukeni ezifuna ukuzithokozisa e-Albert Falls Dam (Bon Accord).

OLUNYE UDABA:BUKA: Umculi wakuleli ukhonjwe ngesibhamu emcimbini

Lo mcimbi ozothatha izinsuku ezimbili ngomhlaka 27 nangomhlaka 28 kwephezulu, unabanye abaculi bodumo abafana noDumi Mkokstad, uBetusile, Mpume Hlabisa noJumbo, osanda kuwina indondo ye-Best Song ngeculo elishisa izikhotha, Singenise

Izihambeli azizukuthokozela umculo nje kuphela kodwa kukhona nezicoficofi, ukudla neziphuzo kanye nokunye okumnandi kokuzithokozisa.

Okhulumela lomcimbi, uZama Mkhize uthe: “Akuzukushukuma kuphela i-Albert Falls kodwa nezindawo ezakhelene nayo ngalezi zinsuku zombili. Imindeni nabangani bazothokozela umculo, ukudla nemidlalo yabantwana. Silindele izihambeli ezisuka ngisho koThekwni imbala. Labo abazobe bevakashile bezochitha amaholidi angeke bazisole”

Abafisa ukuba kulomcimbi bangazitholela amathikithi ngo-R120, eComputicket noma- esangweni. Abantwana abana-12 kuyaphansi bangena ngo- R50. Ama-cooler box (R150) nama-camp-chair kuvumelekile. Izindawo zokukhempa (camping facilities) ayatholakala, shayela u 0313033520 noma zama@mirrorpr.co.za

Ukudla neziphuzo kuzobe kukhona, kudayiswa. Uqala ngehora lesi- 12 emini.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.