Kuzophela ukudideka ngodaba lwemali yokufunda emanyevesi- Zuma

2017-02-18 11:04

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma ngoLwesihlanu wethembise abafundi ngokuthi kuzophela kulo nyaka ukudideka okukhona ngemali yokufunda emanyuvesi.

“Siyalubhekisisa lolu daba. Ngikholelwa ukuthi lo nyaka yiwona kuphela ozoba nokudideka. Uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi olwenza umsebenzi wakhe lolu daba,” usho kanje engxoxeni ezwakale emisakazweni yomphakathi engu-206.

Uhulumeni kuzomele ubakhokhele abafundi, noma yilonyaka nje.

OLUNYE UDABA: UZuma ukhalisane nemindeni yabashone kuvuza i-gas eDBN

“Akumele kubezinkinga. UNgqongqoshe wezezimali (Puravin Gordhan), uzokwethula isabelomali maduzane, uzokwazi ukuthi aveze ukuthi abafundi bazokwazi ukuya esikoleni kulo nyaka.”

ICommission of Inquiry into Higher Education and Training (Fees Commission) kulindeleke yethule umbiko wayo maphakathi nonyaka.

Le khomishini yenza uphenyo ngokuthi ngabe izwe lingakwazi ukuba nemfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.