Kuzophenywa ngeqhaza likaNdunankulu ngokufa kweziguli

2017-02-05 17:02

Johannesburg – Kuzophenywa ngeqhaza likaNdunankulu waseGauteng uDavid Makhura ngokufa kweziguli ezingu-94 eziphazamiseke ngokomqondo, kusho iDA ngeSonto.

"UMakhura angalindela imibuzo enzima emhlanganweni we-OCPOL olandelayo okumele ube emasontweni amabili ezayo,” kusho ilungu leDA uJack Bloom, esitatimendeni.

Uthe i-Oversight Committee on the Premier's Office and Legislature (OCPOL) ivumile ukuba kubanjwe umhlangano, kulandela umbiko okhishiwe, nangeqhaza lehhovisi likaNdunakulu kulolu daba.

OLUNYE UDABA: Kudliwe izimoto zeNdidane

"Akukholakali ukuthi uNdunankulu nehhovisi lakhe babengazi lutho ngezinkinga futhi kwakumele bangenelele ngokushesha,” kusho uBloom.

"Ngicele uNdunankulu nezikhulu eziphezulu ukuba zivele phambi kwekomidi zizophendula imibuzo.”

NgoLwesine, amalungu e-EFF esishayamthetho sesifundazwe avulele uMakhura kanye nalowo obenguNgqongqoshe wezeMpilo uQedani Mahlangu amacala angu-94 ngokufa kweziguli.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.