Kuzoqiniswe ezokuphepha ezibhedlela zaseThekwini

2016-07-15 18:32

Durban – Sekuqiniswe ezokuphepha ezibhedlela zikahulumeni eThekwini kulandela isigameko sokuhilizisana phakathi konogada kanye nalabo abatelekile.

Kudutshulwe kwabulawa abantu ababili kulesi sigameko esenzeke esibhedlela i-King Edward VIII ngoLwesithathu.

U-MEC obhekelele umnyango wezokuThutha, Ukuphepha koMphakathi kanye Nokuxhumana uMxolisi Kaunda kanye no-MEC Wezempilo uSibongiseni Dhlomo bebehambisana nebamba lomkhuzi wamaphoyisa kulesi sifundazwe uBhekinkosi Langa bevakashele lesi sibhedlela.

OLUNYE UDABA:Zithwele kanzima izibhedlela zaseNdiya kulandela udlame

Kuthiwa kufike iqoqo labantu elifike lavulela ngenhlamvu konogada ezintathakusa ngoLwesithathu, kubulawe abantu ababili kulokhu kwalimala unogada odutshulwe ekhanda.

Lezi ziphathimandla zithi izibhedlela eziyisikhombisa zikhungathekile ngeziteleka ezinodlame kanti nabasebenzi basabela impilo yabo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.