Kuzoqokwa umengameli omusha kulandela ukwesula kukaZuma

2018-02-15 07:33

Johannesburg - IKhokhasi ye-ANC ithi sekuzoqokwa umengameli omusha kulandela ukuwehla kwaJecob Zuma esikhundleni.

Yize kunjalo, uSotswebhu we-ANC uJackson Mthembu uthe lokhu kuzokwenzeka uma kuwukuthi iyatholakala yini inhloko yamajaji uChief Justice Mogoeng Mogoeng.

UZuma umemezele ngoLwesithathu ebusuku ngokwesula kwakhe esikhundleni.

OLUNYE UDABA:EZINGENA MANJE: Wehlile esikhundleni uMengameli Zuma

I-ANC NEC inqume ukuketula uZuma emhlanganweni wangoMsombuluko.

Khonamanjalo, i-ANC ithi izoqhubeka nokuxoxisana noZuma mayelana nezizathu zokuthi kungani inhlangano imukhiphile esikhundleni sakhe.

ISekela likaNobhala Jikelele uJessie Duart lithe uZuma uzokwaziswa ngendlela ekahle ngokuqondene nalokhu.

Konke lokhu kuzokwenzeka uma sekuvotiwe futhi noZuma esesule ngokusemthethweni njengomengameli.

Ngaphambilini umgcinimafa uPaul Mashatile ubethe "I-ANC iveze ukuthi ingathanda ukufungisa umengameli omusha ngoLwesihlanu", lokhu ukusho ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ngemuva komhlangano weKhokhasi ye-ANC ngoLwesithathu.

Uthe asikho isidingo sokuqophisana ngokuthi ngubani okumele abe ngumengameli ngoba bona bazimisele ngokufaka uCyril Ramaphosa kulesi sikhundla.

 - SABC



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.