'Kuzothatha cishe iminyaka emithathu kulunge inkinga yamanzi'

2017-01-25 11:35

Johannesburg – Isomiso siyaqhubeka nokubeka izwe engcupheni yokuphelelwa ngamanzi.

UMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle unxusa zonke izinhlaka zikahulumeni ukuba zibambisane emizameni yokulondoloza amanzi.

UNgqongqoshe uNomvula Monkonyane uthi abantu baseNingizimu Afrika kumele bakwamukele ukuthi bahlala ezweni elomile, basebenzise izindlela ezithile uma bengafuni ukunqanyulelwa amanzi.

OLUNYE UDABA: I-EFF ikhathazekile ngabagaqele ukuba sebhodini le-NYDA

Ubekhuluma emhlanganweni noNgqongqoshe bezokuBusa ngokuBambisana bazo zonke izifundazwe, waphinde wabazisa ngokuqhubekayo kanye nezinhlelo abanazo njengoMnyango kazwelonke.

UNgqongqoshe uthe izimvula ezibonakalayo njengamanje ziyasiza kodwa abantu bangajabuli kakhulu ngoba azanele.

UNgqongqoshe uphinde wathi kuzothatha cishe iminyaka emithathu ukuba isimo samanzi eNingizimu Afrika sibuyele kwesejwayelekile.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.