Kuzovalwa imigwaqo eThekwini kulungiselelwa ukungena kwecala likaZuma

2018-04-05 16:00

eThekwini - Amaphoyisa kaMasipala weTheku athi kuzovalwa umgwaqo uMargaret Mncadi Avenue (okwakunguVictoria Embankment), ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesihlanu njengoba kuzongena icala lalowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.

Kulindeleke ukuba kube nesiminyaminya ngasepaki iKing Dinizulu lapho kuzokuba nemashi yalabo abeseka uZuma.

Le mashi izohamba ngomgwaqo uDkt Pixley ka Seme Street (okwakunguWest Street) idlulele kuYusuf Dadoo (Broad Street), kuze kuyofikwa ngasenkantolo.

OLUNYE UDABA:Ubuholi be-ANC bonke buyobhonga emswaneni kwaMadikizela-Mandela

ISABC News ibika ukuthi imigwaqo izovalwa kusukela ngo-6 ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala uGlen Ndlovu unxuse abashayeli ukuba bagweme le migwaqo ukuze bagweme ukubambezeleka.

"Sinxusa umphakathi ukuthi ungaluphadi kuMargaret Mncadi njengoba uzobe uvaliwe kuyo yomibili imizila ephakathi kukaJoe Slovo noRussel Street, ngenxa yemashi ahlelwe yilabo abeseka uZuma."

Le mashi izobe iqashwe ngamaphoyisa kanye namaphoyisa kamasipala kanti kulindeleke ukuba iqale ngo-8 ekuseni eKing Dinizulu,"kusho uNdlovu.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.