Kuzovundululwa amanye amacala walowo obhekene nelokubulala umfundi waseMUT

2018-05-11 13:18

Angahle abhekane namanye amacala owesilisa osolwa ngokubulala uZolile Khumalo, 21. 

UThabani Mzolo,23, ubevele eNkantolo yeMantshi eThekwini, icala lahlehliselwa uMeyi 17 ukuze kuzoqinisekiswa amakheli akhe njengoba kulindeleke ukuba afake isicelo sebheyili. 

Iphini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uBongani Mkongi uthe liqinile icala elibhekene nomsolwa futhi bavundulula amanye amacala angahle abhekane nomsolwa.

“Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka njengoba kungenzeka sivundulule amanye amacala. Izithombe ezivezwe ezinkundleni zokuxhumana ephethe izibhamu ezinkulu sizibonile, sizophenya ukuthi lezo zibhamu wayezithathephi futhi ubezisebenzisa kephi.

"Sizokhuculula konke ngoba kuyasicacela ukuthi kuningi obekwenziwa umsolwa. Kumanje buqinile ubufakazi esinabo ngaleli cala lokubulala abhekene nalo kulenkantolo. Nesibhamu okusolwa ukuthi wasisebenzisa sengathi kucinywe izinombolo zaso, sizohlolwa ukuthi asikaze yini sisetshenziswe kwamanye amacala,” kusho uMkongi. 

Umsolwa kuvele enkantolo ukuthi sewake waba nelinye icala lokushaya ngaphambilini. 

Ngokubika kweSolezwe, umbuso uveze ukuthi akucaci ukuthi umsolwa ngabe uyahlala yini kumakhelo amabili eliseMhlanga nase-Estcourt, awanike amaphoyisa.

Ummeli wakhe, uMnuz Charl Claassen uthe usazokhuluma nomsolwa ngendaba yekheli lakhe eliqondile.

UBathabile Dlamini uNgqongqoshe ehhovisi likaMongameli, obhekelele ezabesiFazane uthe badumele kakhulu ngalesi sihlava esiqhubekayo sokuhlukunyezwa kwabesifazane. 

“Amadoda kumele afunde ukwamukela ukuthi uma ubudlwelwane sebuphelile phakathi kowesilisa nowesifazane kumele kuhlukwane, omunye abheke lena nomunye abhekene ngalena. Akekho umuntu okumele ahlukunyezwe noma abulawe ngoba engasakuthandi,” kusho uDlamini. 






Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.