Kuzungeza i-video ‘yamaphoyisa' ehlambalaza izitabane

2018-02-05 19:19

Johannesburg – Sekusabalale i-video eshaqisayo etshengisa abantu ababili abasolwa ngokuba ngamaphoyisa aseMgungundlovu ebukisa ngezithandani zobulili obufanayo.

Le video, ezungeza ezinkundleni zokuxhumana, kukholakala ukuthi yaqoshwa yila "maphoyisa" amabili okusolakala ukuthi azithela phezu kwalezi zithandani zenza imikhuba yocansi emotweni eCamps Drift.

Kule video kubonakala amadoda amabili, amabhulukwe awo esemaqakaleni, ezama ukufihla izitho zawo zangasese ngesikhathi "amaphoyisa" ewahlambalaza ewatshela nokuthi angazami ukugqoka.

La “maphoyisa” ayaqhubeka nokuqopha lezi zithandani, ezithuka enza nokuphawula okuhambisana nokucwasa abantu abathandana nabobulili obufanayo.

OLUNYE UDABA: Zigwetshiwe ‘izitabane ezabanjwa zizitika ngocansi’

“Ubani othe gqokani?” kuzwakala enye yamadoda ethatha i-video isho.

Lezi zithandani ziyaqhubeka nokuhlala emotweni, zibakaza, zingagqokile - la "maphoyisa" eqhubeka nokuzihlambalaza nokuzithuka kuthi uma zizifihla ubuso zijivazwe.

Lezi zithandani zizwakala kule video zixolisa ngaphambi kokuthi elinye lala "maphoyisa" lithi “lokhu enikwenzayo kuyihlazo, amadoda awavumelekile ukwenza le nto eniyenzayo”.

Elinye lala “maphoyisa” liphakamisa ukuthi lezi zithandani kumele ziboshwe, bese liphinde lizwakale lithi azisheshise zigqoke.

Owe-Action for Social Justice International, uThabiso Mogapi, uthe izishoshovu zaseThekwini sezizitholile lezi zithandani kanti zizosizwa ngokwelulekwa ngokomqondo nokuvulwa kwecala.

Udaba oluphelele lapha.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/Africa
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.