Durban – Izinkundla zokuxhumana ziyachwaza kulandela ukusabalala kwesithombe sowesifazane oshuthe ehlezi phezu kwethuna lesihlabani somculo wowokholo esingasekho emhlabeni, uSfiso Ncwane.
Lona wesifazane ubonakala emamatheka, eqhethe phezu kwethuna likaNcwane eze wabeka nesikhwama sakhe eceleni kwakhe.
Abantu abebephawula bazwakalise ukushaqeka nokudumala ngesenzo salo wesifazane bathi sitshengisa ukuphapha.
Abanye baphawule bathi abayiboni inkinga ngesenzo sakhe ngoba abantu bayahamba baye emazweni afana nakwa-Israel bayoshutha namathuba “abacwebileyo”.
“USfiso ke yena ubeyisihlabani esaziwayo ngakho ayikho inkinga ngalesi sithombe. Isizukulwane esizayo sizokwenza okufanayo naso; sizoshutha nethuna likaSfiso,” kuqhuba umbhalo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2013 umsakazi woKhozi FM uZama Ngcobo wathatha i-selfie esemngcwabeni kalowo owayengumengameli uNelson Mandela, etshengisa abantu ukuthi naye “ubekhona”.
Nasi isithombe sodumo:
Kwenzeka lokho nje, kusanda kuzungeza isithombe somunye wesifazane ethathe i-selfie emangcwabeni kuvela nebhokisi liyongena egodini.


Kuthini ukuphawula kwakho ngalo mkhuba osubukeka usudlangile? Ngabe kuyinto efanele ukuthatha izithombe emngcwabeni/emathuneni noma cha?