"Kwakudunyiswa ucansi kwingqungquthela ye-AIDS eThekwini"

2016-07-26 10:03

Johannesburg - Nakuba seludingidwe kaningi udaba lwamakhondomu ezikoleni, lolu daba lusayithukuthelisa inhlangano yamasiko, Ubuhle be Nguca.

NgeSonto le nhlangano yayibambe umhlangano lapho abalaphi bendabuko namakhosi baseGauuteng babekhuluma ngengqungquthela ye-AIDS ebibanjelwe eThekwini.

OLUNYE UDABA: Izoba seThekwini ingqungquthela yezitabane

Kulo mhlangano bathi izingxoxo zokukhishwa kwamakhondomi anikezwe izingane ibidelela amasiko futhi idukisa intsha.

Umelaphi wendabuko uThembisile Kunene uthe: "Ngangikule ngqungquthela kanti engangikuzwa nje ukudunyiswa kocansi. Sathula ngesikhathi uhulumeni enikeza izingane ezineminyaka engu-12 ubudala amalungelo okuthola amaphilisi okuvikela ukukhulelwa wazivumela nokuthi ziye ezikoleni nezisu.

"Ngabe uhulumeni unikaeza izingane imvume yokuba zeqe amakilasi ziyozitika ngocansi emathoyilethi? Engabe ugqugquzela ukuthi zingazibandakanyi ocansini, banikeza izingane inkundla yocansi."

Amanye amalungu achaza ukuba kungani ukuhlolwa kwezintombi kungakapheli namanje, athi akholwa wukuthi kunesizathu.

"Ngale ndlela amantombazane ethu aphoqeleka ukuba adlalele kude nabafana. Uhulumeni kufanele ayeke ukudayisela intsha ucansi ayigqugquzele ngemfundo," kusho uMtimande Ngwenya oyilungu lenhlangano.

Abalaphi bendabuko bathe bazoqhubeka nokufakela uhulumeni ingcindezi yokuba asicabangisise isinqumo sakhe sokukhiphela izikole amakhondomu, kubika iDaily Sun.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.