Kwaphuma isidumbu kubangwa izingcezu ezimbili zesinkwa

2016-07-26 17:30

Kimberley - Uvelile enkantolo owesilisa waseKimberley osolwa ngokugwaza umngani wakhe washona kubangwa izingcezu ezimbili zesinkwa.

Lona uvele eNkantolo eNkulu yaseNorthern Cape ngecala lokubulala, kubika iDiamond Fields Advertiser.

Ummangalelwa uMlungisi Memane, 22, usolwa ngokubulala uGopolang Quinton Mmokwa nokuzama ukubulala uLebogang Emmanuel Hopton kulesi sigameko esenzeka ngoJanuwari nonyaka.

UMemane uwaphikile womabili amacala, ethi wayezivikela.

OLUNYE UDABA: Ubulale umngani bephikisana ngabaholi bezombusazwe

Kulesi sigameko uMmokwa noHopton bagwazwa amanxeba amabili, okusolakala ukuthi bawagwazwa uMemane.

UMmokwa wabe eseshonela endaweni yesigameko.

UHopton ngoMsombuluko ugibele ebhokisini lofakazi wachaza ngosuku okwashona ngalo umngani wakhe omkhulu.

UHopton uthi babezitika ngotshwala ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kukaMemane noMmokwa.

Uthi uMmokwa noMemane babebanga izingcezu zesinkwa, basolana ngokuthi kukhona oncishanayo, kwagcina kukhishelwane ummese.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.