Kwaqina ezokuphepha osolwa ngokubulala abe-ANC ePMB ethola ibheyili

2016-07-16 08:05

Durban - Indoda ethweswe ngamacala amabili okubulala izishoshivu ezimbili ze-ANC ezadutshulwa zabulawa zibuya emhlanganweni weqembu idedelwe ngebheyili yemali engu-R5 000 eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesine.

Isinqumo seMantshi uM Boikhutso sokudedela uBonginkosi Shabalala owayenguMgcinimafa ka-Ward J ku-ANC eMbali simangaze abaningi enkantolo kanti abanye bebejabule.

OLUNYE UDABA: Kkudutshulwe kwabulawa indodana yelungu le-ANC kukhankaswa

Kube sekugcwala inqwaba yamaphoyisa ezoqapha isimo ngaphakathi nangaphandle kwenkantolo.

Umndeni kaShabalala nabanye abamesekayo bebegcwele ngaphandle beyigxoba, injabulo kulandela isinqumo senkantolo.

UShabalala oneminyaka engu-40 osebenzela inkampani yonogada i-Enforce ubhekene namacala amabili okubulala ngokubandakanyeka ngesigameko sokudubula esenzeka ngomhlaka-8 Juni.

UMbuso usola ukuthi izisulu ezsimbili uPhetheni Ngubane, 50, nomngani wakhe oyisishoshovu se-ANC uBadedile Tshapha, 54, bahlaselwa ngesikhathi bephuma emhlanganweni weqembu eMbali.

UTshapha wasonela endaweni yesigameko kanti uNgubane yena washonela esibhedlela, kubika iDaily News.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.