Kwebiwe u-R100bn esikhwameni semfundo ephakeme – Sisulu

2017-10-20 16:02

eKapa - Ogaqele isikhundla sokuba wuMengameli we-ANC uLindiwe Sisulu uthi imfundo yamahhala yinto engenzeka eNingizimu Afrika uma kungayekwa ukwebiwe kwemali yoMbuso.

USisulu usho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe enyuvesi yaseKapa ngoLwesine ngaphansi komkhankaso wemfundo yamahhala.

Lo mkhankaso wemfundo yamahhala uyingxenye yemizamo yethimba longqongqoshe beholwa abesikhwama iNational Student Financial Aid Scheme (Nsfas) ngokuxhaswa kwabafundi abangu-500 000 abadla imbuya ngothi, nalabo abangenawo kahle amandla okukhokhela imfundo ephakeme.

USisulu uthi kunezizumbulu zemali esetshenziswa budedengu kuleli.

OLUNYE UDABA:Abenzi kahle abafundi abamnyama emanyuvesi - Lehohla

“Leli thimba elasungulwa liveze ukuthi imfundo yamahhala ingadla imali elinganiselwa ku-R42 billion. Ngesikhathi kubalwa imali eyebiwe kule minyaka emithathu edlule, kutholakale ukuthi yimali engango-R100 billion,” kusho yena.

Uqhubeke wathi inhloso yalo mkhankaso wakhe wukunika intsha imfundo engenawo ogcobho wengcindezelo, okuyinto eyayenzeka ngezikhathi zobandlululo, kubika i-The Citizen.

“Yize kunjalo imfundo yamahhala akuyona into engenzeka ngobusuku obubodwa, kodwa yinqubo engangeniswa kancane kancane,” kuqhubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.