Kwehle isibalo sabafundi esikoleni kumiswa uhlelo lokudla

2018-03-16 07:42

Lilongwe - Uthishanhloko wase-St Mary’s Girls Primary School, uLaurent Mweghama uthi isikole sibhekene nesimo sokulova kwabafundi selokhu kwamiswa uhlelo lokudla esikoleni ngenxa yokuqubuka kwesifo sohudo.

“Sizamile njengabaphathi besikole ukubamba imihlangano nabazali ukuze sibakhuthaze ukuba benzele izingane zabo ukudla uma ziza esikoleni, kodwa lutho umehluko.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe umqwayizi owebela ikhasimende

“Isikole sinabafundi abaningi kodwa manje siyehla isibalo salabo abeza esikoleni,” esho.

Uthisha ofundisa ibanga lesine uThokozire Anna Nkhoma uthi ubevame ukufundisa izingane ezingu-106 ekilasini lakhe kodwa manje usefundisa okungenani ezingu-86 selokhu kwamiswa uhlelo lokudla, kubika iNyasa Times.

UNkhoma uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi iningi labafundi lingase liphuthwe yisikhathi sokuhlolwa ngenxa yokulova njengoba sekusele amaviki ambalwa babhale izivivinyo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.