Durban – Umshayeli wemoto kanokusho yohlobo lwe-Ferrari usesimeni esibucayi ngemuva kokuba egingqe imoto yakhe eVirginia Circle eDurban North ngeSonto, kusho abosizo lokuqala.
Okhulumela iCrisis Medical uNeil Powell uthe abosizo lokuqala bafike endaweni yesehlakalo bathola iFerrari igingqikile.
UPowell uthe uma benza uphenyo bathole ukuthi umlisa oneminyaka engu-52 ubudala uvaleleke phakathi emotweni, kanti ubelimele kabi.
Funda nalolu daba: Kushone 11 wabantu kwenyantisa igazi eKZN
UPowell uqhube athi ngokwalabo abazibonele imoto ibigijima ngokweqile kuMackeurtan Avenue.
“Umshayeli uphunyukwe yisiteringi ngaphambi kokuba angene kwi-circle, imoto yashayisa udonga. Imoto ivele yaphenduka ngaphambi kokuba ilale ngomhlane khona kwi-circle, umshayeli ephakathi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).