Kwembulwa kwembeswa kowesifazane odutshulwe yindoda ayaziyo

2017-06-26 18:01

Durban - Usesimeni esibucayi esibhedlela owesifazane oneminyaka engu-36 ubudala ngemuva kokudutshulwa amahlandla amaningi ngowesilisa amaziyo ePaddock ngoMsombuluko ekuseni, Kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Udutshulwe ebusweni, emqaleni, esifubeni nasengalweni ngezithuba zabo-09:00, kusho uCaptain Nqobile Gwala.

UGwala utshele abezindaba iNews24 ukuthi bekungakacaci ukuthi lo wesifazane unabuphi ubudlelwane nomsolwa.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe owesifazane esemtholampilo eKZN

"Isisulu siyamazi umsolwa. Umsolwa, 32, uboshwe ngemuva nje kancane kwesigameko wabekwa icala lokuzama ukubulala ngamaphoyisa asePaddock," kusho uGwala.

Imbangela yesigameko ayikaziwa okwamanje kodwa umsolwa uzovela maduze enkantolo, kusho uGwala.

Okhulumela iNetcare 911 uChris Botha uthe abosizo lokuqala bafike emzini walo wesifazane, bamthola elele phansi egumbini lokuphumula.

"Abosizo lokuqala baxilonge lo wesifazane endaweni yesigameko bezama ukumhlenga ngaphambi kokumphuthumisa esibhedlela eyoqhutshekwa nokwelashwa," kusho uBotha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.