Kwenyuke amavoti kaDlamini-Zuma noMabuza kubalwa kabusha e-KZN

2017-12-05 14:00

Durban – Kulandela isicelo sokuthi kubalwe kabusha kwamavoti amagatsha kwiProvincial General Council ye-ANC KwaZulu-Natal, izithunywa zitshelwe ukuthi imiphumela ayiguqukanga njengoba uNkosazana Dlamini-Zuma esahamba phambili njengelungu abaliphakamisile.

Lokhu kuvele ngoLwesibili ekuseni ngemuva kwesicelo esenziwe sokuthi kubhekiswe amavoti amagatsha.

NgoMsombuluko, izifunda ze-ANC zicele umhlangano nezikhulu zekhomishana yophenyo ngemuva kokuphothulwa kokuvota. Kukhona nabanye abangaze bavote.

Nokho, izikhulu zokhetho ngoLwesibili ziqinisekisile kwi-PGC ukuthi yize amavoti eshintshe kancane, lokhu akuzange kuthikameze umphumela walesi funda esikhukulazi se-ANC, esikhethe uDlamini-Zuma njengayena muntu okumele athathe esokwengamela uKhongolose.

OLUNYE UDABA: ElikaMokonyane liphakanyiselwe esikaMgcinimafa kuKhongolose

Isikhulu sezokhetho uBontle Mpakanyane utshele i-PGC ukuthi lolu shintsho luholele ekutheni uDlamini-Zuma athole amavoti athe xaxa aphuma kumagatsha angu-24, okumsuse ku-433 kwambeka ku-454.

UCyril Ramaphosa yena ulahlekelwe amavoti amabili, esuka ku-193 waya ku-191. Lowo ogaqele eseSekela likaMengameli uDavid Mabuza isibalo samavoti akhe senyuke sisuka ku-434 sama ku-449.

KwesikaSekela likaNobhala Jikelele uJessie Duarte usuke ku-357 waya ku-372 kwathi esikaMgqinimafa uNomvula Mokonyane wathola amavoti asuka ku-289 aba ngu-302.

UMokonyane uthi ubekhona ngesikhathi kuqinisekiswa ubuqotho bala mavoti ngoMsombuluko ebusuku.

Funda kabanzi lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.