'Kwenzeka iphutha kweye-Album of the Year, siyaxolisa'

2017-05-30 14:01

Johannesburg – Abaphathi bama-SAMA bathi bayaxolisa ngephutha elenzekile ngohlu lwabaculi abawine izindondo.

Lokhu kulandela ukukhishwa kohlu lwabawinile ngeSonto lapho kubhalwe khona ukuthi u-Amanda Black uyena othathe indondo ye-Album of the Year, kanti cha.

Abamaphepha bathole lolu hlu kwabamaSAMA kuthiwa u-Amanda Black uwine izindondo ezine, kodwa eqinisweni uthole izindondo ezintathu.

Uhlu lokuqala olwathunyelwa abezindaba luveze ukuthi uKwesta kanye no-Amanda bathole izindondo ezilinganayo, lokhu bekungelona iqiniso ngoba uKwesta uthole izindondo eziyisithupha.

Yize selilungisiwe leli phutha, abantu sebeyakungabaza ukuthembeka kwabahleli balo mcimbi.

UNhlanhla Sibisi oyisikhulu esiphezulu kwaRecording Industry of South Africa (RiSA) uyaziphika izinsolo zokuthi kukhona okushaya amanzi ngalokhu.

OLUNYE UDABA:UMBONO: Bathi akabuyele e-studio uBabes, ‘asiyeke ngomsindo’

“Ngikhulumile nethimba lami futhi ngiphoxeke kabi ngalokhu okwenzekile. Kubonakala sengathi uhlu lokuqala lukhishwe lungakahlolisiswa kahle.

"Amavoti abemaningi kubo bobabili abaculi yingakho bethathe ngokuthi u-Amanda owinile, ngesikhathi sekubalwa kahle, kubonakale ukuthi uKwesta uyena ophume phambili kulokhu," echaza.

USibisi uthi lokhu kube yiphutha futhi usazophenyisisa ngezikhalazo zabantu.

Uqhubeke wathi bazoba nomhlangano namajaji lapho kuzodingidwa khona izinto ezifana nalezi, kubika iSowetan.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.