Kwenzeke iphutha elikhulu inkabi ibulala umqashi

2017-03-17 18:02

Belfast - UJohan Luvhuno, 34, obesebenza njengomlimi ubesekhathele ukuhlaselwa yizigebengu zimubaba inkunzi nsukuzonke.

Lo mlimi obesekhathele ukusebenza kabuhlungu, wabika lolu daba kumngani wakhe owamcebisa ngokuthi azihlaselwe lezi zigebengu zibulawe.

Leli cebo alehlanga kahle kuLuvhuno owayemanqikanqika ngokubulala, yize kunjalo umngani wakhe wathenga inkabi ukuba iqhubeke nomsebenzi.

Ngeshwa nangebhadi, ngesikhathi inkabi izingela izigebengu yaphetha ngokubulala umuntu okungeyena.

Ngemuva kwalokho umngani wafuna iholo lakhe kuLuvhuno, ngesikhathi enqaba, umngani wathenga inkabi okusolakala ukuthi iyona eyamgwaza yambulala.

OLUNYE UDABA:Inkabi igence okungeyena ebimfuna

Ngokuzisola, lo wesilisa, 25, wazinikezela yena emaphoyiseni lapho abika khona ngokuthi uyena owabulala uJohan ngoLwesithathu olwedlule. Lo msolwa wahambisa amaphoyisa lapho afihla khona isidumbu sikamufi emahlathini.

Umfowabo kaJohan, uSibangalizwe, 44, uthi izigebengu zazimphilisa kabuhlungu umfowabo omncane.

“Emasontweni amabili adlule, isigebengu esisodwa sahlasela umfowethu samgwaza ngebhodlela sabaleka nemali yakhe,” kusho umfowabo.

USibangalizwe uthe okubi wukuthi lo mlisa wazingela wabulala umuntu okungeyena kodwa-futhi wafuna iholo kumfowabo.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Philip Fakude usiqinisekisile lesi sigameko wathi umsolwa uboshiwe futhi uzovela enkantolo kungekudala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.