Kweqe iziboshwa ezintathu esitokisini e-KZN

2018-04-20 14:05

Durban - Kweqe iziboshwa ezintathu esitokisini esiteshini samaphoyisa eKombe, KwaZulu-Natal, kusho amaphoyisa esifundazwe ngoLwesihlanu.

Iziboshwa ezimbili beziboshelwe icala lokubulala kanti esisodwa besiboshelwe izinsolo zokugqekeza emzini womuntu.

Iziboshwa ezeqile ngoNhlakanipho Nunuzana Dubazane, 27, uMzikayise Khanyile, 38, noLindelani Majola, 19.

Laba bobathathu beqa esitokisini esiteshini samaphoyisa aseKombe ngomhlaka-18 Ephreli.

OLUNYE UDABA:Kweqe iziboshwa ebezisanda kugwetshwa udilikajele ngawokubulala

"Amaphoyisa aphenya ukuthi lezi ziboshwa zeqe kanjani. Kuthiwa lezi ziboshwa ziyingozi kanti kucelwa nomphakathi ukuthi ubikele amaphoyisa uma kukhona unolwazi ngokuthi zikuphi," kusho uCaptain Nqobile Gwala.

Kucelwa noma ngubani ongase abenolwazi ngalezi ziboshwa axhumane namaphoyisa aseduzane noma ashayele iCrime Stop ku-08600 10111.

Umphathi wesiteshi samaphoyisa aseKombe uCaptain Vusumuzi Mbatha utholakala ku-082 411 6790.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.